Ugwetshwe udilikajele owesifazane obulale abomndeni kwelomshwalense

Owesifazane ugwetshwe udilikajele ngokubulala amalungu omndeni ngenxa yokukhokhelwa komshwalense. UKeletsang Martha Motladile waqasha izinkabi ukuthi zibulale umzala wakhe nalapho athola khona isamba emalini ekhokhwa umshwalense uma kushone umuntu, kwathi ngemuva kwezinyangeni ezimbili wonyaka ofanayo, wabulala udadewabo nomshana wakhe ngenhloso yokuthola imali yokukhokha umshwalense, nalapho athola khona isamba sika-R347 000 kulokho.

Kodwa ukubusa kwakhe kwaphela emasontweni ambalwa emuva kwalapho ngesikhathi eboshwa kanye nenkabi yakhe. NgoLwesibili, iNkantolo eNkulu yaseNingizimu Afrika, eFree State Division, ehlezi eBloemfontein, igwebe yena kanye neshayasibhamu, uMolefi Molise, udilikajele ngamacala okubulala izihlobo zakhe ezintathu.

USenokoatsane uthe uphenyo luphinde lwaveza ukuthi umsolwa wakhokhelwa imali engu-R29 000 ngokubulala izihlobo zakhe.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.