Umkhankaso wamaphoyisa uholele ekushaqweni kwezibhamu ezingekho emthethweni

Owesilisa oneminyaka engu-37 ubudala waboshwa ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso wophiko lwabaseshi baseWestern Cape Provincial Detectives’ Serious and Violent Crime Investigations Unit ngoFebhuwari 15, 2024.

Lo mkhankaso, owenziwe ezintatha, uholele abakwasidlodlo emagcekeni ase-NY5 eGugulethu, nokuyilapho atholwe khona umsolwa. Abomthetho bashaqe izibhamu ezine ezinezinhlamvu ezingu-123 kanye nezibhamu ezine zohlobo lwe-9mm ezinezinhlamvu ezingu-150 ezivela emagcekeni.

Umsolwa wayengenazo izincwadi ezisemthethweni zezibhamu nezinhlamvu, nokuholele ekutheni abekwe amacala okutholakala nazo ngokungemthetho. Umsolwa uzobhekana namacala eNkantolo yeMantshi yase-Athlone.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.