ISilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini sixoshe umkhulumeli wayo

ISilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini saxosha umfowabo uMntwana u-Afrika Zulu njengomkhulumeli waso. Encwadini yezi-12 kuNhlolanja wezi-2024 eyabhalelwa uNdunankulu waKwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube kanye naye u-Afrika, uMisuzulu akazange azidalule izizathu zakhe zokuchoma i-Afrika.

Esitatimendeni esakhishwa iSilo sithe: “Le ncwadi isisaziso sokuthi mina, iSilo samaZulu, uMisuzulu kaZwelithini ngiyakunqamula ngokushesha ukuqokwa kwakho njengeNhloko yezokuXhumana noBudlelwane nokubamba iqhaza ehhovisi lami. Ngaphezu kwalokho ngiyahoxisa noma yimaphi amandla engakunikeza wona kulesisikhundla, sokuba ngumkhulumeli wami kanye neNhlangano yaseNdlunkulu okuhlanganisa amandla okuqinisekisa ukuthi ukuxhumana okunjalo kanye nobudlelwano nababambiqhaza, buphathwa ngendlela efanele nangempumelelo egameni lami nasegameni leNdlunkulu neSizwe samaZulu,” kufundeka incwadi.

Khona manjalo namuhla, uMntwana u-Afrika Zulu, nowayengumkhulumeli weSilo uMisuzulu Ka Zwelithini, ube nesithangami sabezindaba lapho ebeka khona uhlangothi lwakhe mayelana nokuxoshwa kwakhe esikhundleni.

UMntwana u-Afrika Zulu uthi ukuxoshwa kwakhe kanye nenkosi uThanduyise Mzimela njengoSihlalo weNgonyama Trust Board yingoba babemi endleleni yalabo abafuna ukuzitapela i-kulesikhwama nokukuzicebisa ngokwezimali. Uqhube wathi ngemuva kokushona koMntwana uMangosuthu Buthelezi, iNgonyama yasala nqunu.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.