UDudu Maphumulo ongusomabhizinisi nomsiki wengqephu waso Thongathi, uthi uyaziqhenya ngamagelelo akhe ekujhiqizeni okilimi abasika ingqephu ahamba phambili emhlabeni. “Akukho okudlula ukubekezela kanye nokuzimisela uma ufisa ukuphumelela entweni oyithandayo noma ofisa ukuyenza” kusho uDudu.
UDudu uzalelwe eBhamushela wakhulela oZwathini nalapho eqale khona imfundo yakhe yamabanga aphansi ngaphambi kokuphothula ibanga leshumi eWembezi High School. OkaMashimane ube eseqeqeshwa njengomsiki wenqephu eLindiwe Khuzwayo Academy Fashion Designer ngonyaka ophakathi kusuka ngo1994 kuya ku1995, kuthe ngemuva kokuphothula, izifundo zakhe ngonyaka ka 1996 waqala isikole sokufundisa ukuthunga.
Kulesikole sakhe, unyaka wokuqala uthola isitifiketi bese kuthi unyaka wesibili uthole iDiploma, ngaleso sikhathi umfundi ufunda ukuthunga izimpahla zabesifazane nezabesilisa nezabantwana. Baningi abafundi abaphuma ngaphansi kwesikhungo sika Dudu Maphumulo oThongathi. nabaqhamuka ezifundazweni ezahlukene.
Mangabe ufunde kulesikhungo sika Dudu Maphumulo, awuzisoli nakancane njengoba uphuma ukwazi ukuzimela ngomsebenzi. Abafundi ababamba kancane mangabe befunda bamukelekile . njengoba uDudu unohlelo labo oluqondene nabo uqobo. Kukho konke lonke uDudu uthi zikhona iznqinamba ababhekana nazo ebhizinisini lakhe njengokuphuka kwezinsiza kusebenza. ezinjenge mshini yokuthunga.
Khona manjalo mangabe umatasa ungazitholela iziphulelo ngamanani aphansi njengoba uyakwazi ukufunda izinyanga eziyisithupha ukuthungela umfaniswano wesikole nowabantu abesilisa. Kuvamise ukuthi ilimale kodwa ngenhlanhla bakhona onjiniyela bethu abaqhaphe lemishini.
UDudu Maphumulo usesebenze nabasikibenqephu abahamba phambili kuleli lase Ningizimu Africa nasemhlabeni jikelele. UDudu usaphokophele phambili ngenqephu emhlabeni njengoba jikeleza amazwe ngamazwe omhlaba. Baningi abafundi abaphuma ngaphansi kwesikhungo sakhe abanamabhizinisi okuthunga abazimele.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.



