Ugixabezwe ngeminyaka engu 23 umdlwenguli ebhadla ejele

IThimba lamaphoyisa ase Mzinyathi eliphenya amacala okudlwengula lenze umsebenzi omuhle noncomekayo ngokususa isiphazamisi emphakathini. Lelithimba beliholwa ngu Detective Sergeant Thembeka Mgobhozi wase eMdlovana, osebenza ngamacala athinta udlame lemindeni nokuvikela kwezingane nokuhlukunyezwa ngokocansi. Uphenyo olunzulu olwenziwe amaphoyisa luholele ekubanjweni ka Khayelihle Lembethe wase Muden oneminyaka engu 38.

UKhayelihle Lembethe ubekwe amacala okudlwengula ephindelela umgilwa. Isisulu sagcina ngokuthola ithuba lokubaleka njengoba wayesemdlwengula ngisho endlini yakhe izikhathi eziningi kakhulu.

UMgilwa wavula icala eMuden Police Station lokudlwengulwa kwathi ithimba labaphenyi laqala lamfuna laze lamthola, watokela Greytown Regional Court.

Ube esenqatshelwa ibheyili ngenxa yobucayi becala elinobufakazi obuqanda ikhanda njengoba uKhayelihle Lembethe watholakala ukuthi ulenzile icala. Inkantolo yase eMdlovane yamgixabeza ngeminyaka engamashumi amabili nantathu ebhadla ejele.

Umsebenzi wamaphoyisa aseMzinyathi uyabonakala njengoba awalali enza umsebenzi omkhulu noncomekayo ukugcina ukuthula emphakathini wase Mzinyathi. Lamaphoyisa udaba ayalulandela ngempela futhi anxuse nomphakathi ukuthi uwabike amacala njengoba abanye abantu abawabiki amacala ngenxa yokuthi balinyazwa ngabahlobo babo noma abantu abasondelene nabo. Lomkhuba ujwayelekile ezindaweni zase makhaya kanti amaphoyisa ase Mzinyathi mangabe ufuna ukuxhumana nawo ungafonela Constable Siyabonga Nkwanyana kuzinombolo zocingo 078 58 44 697, 0795001354.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.