
UMaphuti Elizabeth Tswai (53) (OSESITHOMBENI) Kubikwa ukuthi wagilwa wumshayeli wetekisi ngemuva kwengxabano eyaqubuka yokuthi wagibela itekisi eyayiya la ayigibela ethi iyakhona, kwathi endleleni behliswa kwathiwa abangene kwenye ila ingxabano yaqala khona. Kwathi uma enqaba umama ukwehla umshayeli wamkhipha ngenkani wase emshayisa ngetekisi kwaphetha ngokuthi afe
Lesi sigameko esishaqisayo senzeke emasontweni amathathu edlule ngase-Alex Plaza kubuka abantu kanti umshayeli wabaleka endaweni yesigameko namanje lutho ukuboshwa.
Lomama ushiye izingane ezintathu nabazukulu abayisithupha emhlabeni. Kukholakala ukuthi umshayeli uyaziwa, kodwa amaphoyisa abengakabophi .
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
