
iNkosi yesizwe samaChunu ibambiseni noMkhandlu waseMsinga bazokwenza idili lomcimbi wokubungaza kanye nokuhalalisela INkosi yamagcokama (uScebi Dlami) wakhona eMsinga kwaKopi esiZweni sakwaNguni njengoba ngonyaka owedlule wahlabana ngendondo yeBest Maskandi kumaSATMA Awards.
UNdlukulu wesizwe samaChunu uThenjiwe Hadebe uthe Kuzoba neConovy ezosuka ePomeroy shopping Center ,iye eSpar kwaKhonzi nkosi idlulele eTugela Ferry Mall iqhubeke iye Keatdrifts bese iya KwaKopi. Kulezindawo iNkosi yamagcokama izobe ikhuluma nabaladeli bakhe ephinde esuke nabo bonke belibangise emzini weNkosi kwaNomzansi, nakuyilapho eyofika uScebi ethule iNdondo yakhe kuNdabezitha weSizwe samaChunu.
Kuyoba neParade ezosuka emzini weNkosi iye ezinkundleni zemidlalo eMqamathi nokuyilapho kuzofike kuqala khona umcimbi. UNdlukulu uthe iNkosi yathatha isiqumo sokuthi kwenziwe lomcimbi yingoba bayaziqhenya ngomsebenzi omuhle owenziwa iNkosi yamagcokama futhi amagalelo akhe abeka indawo yaseMsinga ebalazweni. Lomcimbi uhlelwe nokukhuthaza nabanye abaculi baseMsinga ukuba benyuse igiya bendlodlobale nabo ngelinye ilanga bethole izindondo.
Kulomcimbi kuzobe kukhona izinkunzi zikaMaskadi ezizobe zishiyelana inkundla okubalwa uKhuzani,uMroza,Ntencane,Limit,Mlungu,Mdumazi ,uthisha wamagcokama,iShayina lwakwazondamadixa,Sandiseni,Khaza,Mjolisi,King Nuba,Mqansa
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
