Kusukume, kwakikiza ngisho esinedolo ngesikhathi izakhamuzi zikaMasipala wesifunda Inkosi Langalibalele ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya, ngesikhathi iMeya yesifunda sasoThukela Inkosi NB Shabalala, yethula osonkontileka abazoqhuba izinhlelo zamanzi namuhla. Lokhu kuza ngemuva kokuthi iMeya uShabalala ephethe umcimbi wokuphendulwa kwesoyi ukuze kuqalwe ukwakhiwa kwezinhlelo zamanzi ezinomphumela omkhulu njengengxenye yokulethwa kwezidingo emphakathini wasemakhaya endaweni yaseNtabamhlophe naseLoskop.
IMeya itshele izethameli ukuthi zizwakele izikhalazo zomphakathi ngezidingo ezingcono, ikakhulukazi ukuwukuhlinzekwa kwamanzi. Ubuholi balo masipala, buzame konke okusemandleni ukuthola uxhaso ukuze kuqhutshekwe nezinhlelo zokunwetshwa kwamanzi. Uthe eNtabamhlophe bazokwakha ichibi likathayela elingamalitha angu-1 million eduze nedamu elikhona ukuze lihambisane namanzi futhi akwazi ukugcineka amahora angu-48.
Iphrojekthi izobe seyehlela endaweni esuka eWembezi iye esiteshini sokumpompa i-Bosch, futhi ibheke ukuvuza kwamanzi ngoba yilapho silahlekelwa khona amanzi. Umasipala uzophinde wenze imisebenzi emincane emshinini wokumpompa wona uqobo ukuze kube ngomshini esikhundleni sokuwusebenzisa mathupha. Kunamaphampu amathathu afakwe lapho ukuze kuqinisekiswe ukuthi sithola amanzi anele ohlangothini lwe-Bosch futhi ukusuka lapho, sizokwazi ukusabalalisa.
Ibalelwa ku-756 imizi ezohlomula kulo msebenzi. Abazohlomula kakhulu kuzoba kuWadi 16 eBosch, eShayamoya Upper nangaphansi. Amanzi engeziwe azohlinzekwa ezindaweni ezifana naseNewlands, Locksloy kanye nengxenye kaWadi 14 no-15. IMeya uShabalala wethule iSiyajuluka Trading Contractors ukuthi kube iyona ezobe iqala ukwakha. Lolu hlelo luzodla imali elinganiselwa ku-R4 million, ludale namathuba emisebenzi kubantu bakuleli. Kulindeleke ukuthi kuthathe izinyanga ezine ukuphothula.
KwaNyezane, iNkosi uShabalala yazisa umphakathi ukuthi bazonyusa umthamo weLoskop Water Treatment Works isuke ku-3.5 iye ku-8 megalitres. Lokhu kuzokwenza ukuthi umasipala ukwazi ukukhipha nokuhlanza amanzi engeziwe. Lokhu kuzobe sekufakwa kunethiwekhi yenqwaba ekhona. UMeya wabe esethula i-Yimpi Construction kanye no-Owethu Owabo Consulting (Pty)Ltd ukuthi benze lo msebenzi. Lolu hlelo luzothatha izinyanga ezifika kweziyi-12 ukuphothulwa, kanti imindeni elinganiselwa ku-9 750 izohlomula. Kufakwe imali engaphezu kuka-R29 million, kanti kuzovulwa amathuba etoho kubantu bakuleli.
Le miklamo yamanzi iyimpendulo eqondile ekusaleleni kwamanzi endaweni futhi ihlose ukusheshisa ukuhlinzekwa kwezidingongqangi. “Inhloso yokuqala ukuqinisekisa ukutholakala kwamanzi ahlanzekile ngoba amanzi akasona nje isidingo, kepha ayisisekelo sesintu futhi isidingo sokusekela zonke izinhlobo zokuphila. Impilo yethu yansuku zonke igxile ekudingeni kwamanzi. Sikhona namuhla ukuzokwethula laba sonkontileka ukuze kube lula ukuhlinzekwa kwamanzi emphakathini,” kusho iMeya uShabalala.
IMeya iphinde yanxusa umphakathi ukuthi usebenzisane nabahlinzeka ngemisebenzi ukuze umsebenzi ube yimpumelelo futhi uphothulwe ngesikhathi. Lezi zinhlelo zenzelwe ukukhulula imindeni eminingi, okwamanje edonsa kanzima ukuthola amanzi. IMeya ikugcizelele ukukhathazeka kwayo yathi isifunda sibhekene nezingqinamba ezinzima kakhulu zokulethwa kwezidingo ngenxa yokucekelwa phansi kwempahla.
IMeya ibihambisana noSomlomo uCllr TY Nqubuka, ilungu le-EXCO Cllr N Mchunu, Cllr MC Mkhize, Cllr Kubheka, Cllr PG Strydom, Cllr SV Shabalala, Inkosi Langalibalele Mayor Cllr Myeza, Isekela Meya NS Dladla, Somlomo Cllr SW Khumalo kanye namaKhansela. Izikhulu ebezikhona kubalwa iMenenja kaMasipala wesiFunda uThukela uMnu LS Jili, iMenenja yePMU: Mnuz S Zikalala, Imenenja kaMasipala Inkosi Langalibalele uMnu SB Mthembu, Abaphathi beminyango eyahlukene kanye nabasebenzi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.





