
Owesilisa waseTanzania, nokuleli ngokungemthetho ugwetshwe iminyaka engu-25 ebhadla ejele ngokuqola othisha ababili imali engaphezulu kuka R2,5 Million. Lona owesilisa kuthiwa uqole labothisha besifazane asebethathe umhlalaphansi ngoba kade ethandana nabo.
ULucious Charles Saba, 30, uqinisekile ukuthi laba besifazane ababili abaneminyaka engu-58 no-59 ngokulandelana kwabo, wabakhiphisa imali yabo yempesheni wathi abeyitshala enkampanini engumgunyathi. Ukwazile ukubancenga ukuthi bakhiphe zonke izinzuzo zabo zempesheni bese bemnika ukuthi azitshale.
Bakwenza lokho bobabili, omunye wakhipha u-R1,6 million omunye u-R900 000, imali yabe isifakwa ebhange lenkampani ezinze eThekwini, iYNM Investments, ephethwe ngabazana noSaba, okuyizizalwane zakwamanye amazwe. Ngemuva kokuthi laba besifazane ababili beqale ukusola “ngokutshala imali” kwabo, bazama ukuxhumana no-Saba, kodwa wabe esenyamalala.
Babikela amaphoyisa, nokho ngesikhathi kuqala uphenyo, i-akhawunti ye-YNM Investments yayisingenamuntu. USaba wabe eseboshwa eThekwini, kanti laba besifazane ababili bamhlonze ngesikhathi bekhombisa ukuthi ungubani kanti umshushisi waphumelela ukuphikisa ibheyili, ikakhulukazi ngoba uMnyango Wezasekhaya wawungenawo amarekhodi okuthi ukuleli ngokumthetho.
I-NPA’s Asset Forfeiture Unit (AFU) yabandakanyeka kodwa yakwazi ukubuyisela imoto endala yohlobo lweJaguar, ebiza u-R200 000. Ngesikhathi kuqhubeka leli cala, uSaba waliphika icala wathi abesifazane “abadala” babemqambela amanga.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
