
Andile Jali usethathele iqembu le Moroka Swallows FC izinyathelo zomthetho ngokulifaka ekomidini eliqondisa izigwegwe phecelezi i-Premier Soccer league Dispute Resolution Chamber (DRC). IMoroka Swallows FC ayimholelanga uJali kanye nabanye abadlali baleliqembu nokwadala ukuthi abadlali babambe isiteleka emdlalweni embili owe Mamelodi Sundowns FC, Golden Arrows.
Lokho kwadala ukuthi – PSL ishushise leliqembu le Moroka Swallows FC imali engu R1 million, yalengiselwa R600 000 ukuthi ingatholakali ezinyangeni ezingu 24 inecala elifanayo, yaphinda yahlawuliswa izindleko zokuhlala kwecala imali engu R400 000.
Khona manjalo uJali usethathele leliqembu le Moroka Swallows FC izinyathelo zomthetho futhi kulindeleke ukuthi nabanye abadlali abaxoshiwe balifake kobomthetho. iSwallows kulindeleke ukuthi ithwale kanzima kakhulu kulamacala ebhekene nawo okungakhokheli abadlali.
Ingase ibhekane nolaka le FIFA mangabe ingabakhokheli abadlali izimali zabo noqanyulwa kwezinkontileka zabo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
