
Ubuphume ngobuningi umphakathi waku ward2 ngesikhathi uzozibonela futhi uphinde uzizwele ngokwakuthenjiswe uMhlonishwa uMeya ngonyaka ophelile. UMeya ubevakashele uward 21 ongaphansi kobuholi buka Cllr ME Mkhize, ukuyohambisa lezethembiso ayezenze kulomphakathi.
Ezintweni awayezithembisile, ihholo lomphakathi laseBuyafuthi, nelibatshazwe ngobuhle amalunga omphakathi. Ukufakwa kukagesi osekuzophela noma yinini, bese kuba ukumbiwa kwemigonqozo kanye nama boreholes.
Kube nemindeni ewu-150 ephinde yazitholela okokubamba inkemane. Umcimbi uvalwe ngababenandisa, kube amaqembu awu8 nabo abazokonyeliswa ngoR3000 iqembu ngalinye.
“Konke lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi UMkhandlu wethu namaKhansela ethu asebenza ngokuzimisela ukusinika impilo engcono.” kuqhuba isakhamuzi ebesijabule ngalezethembiso zika Meya esezifezeka.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.



