Aubrey Modiba uncoma iBafana Bafana ngeqhaza elibambe ku Afcon

Umdlali wasemuva ku Mamelodi Sundowns FC, u-Aubrey Modiba uncoma indlela iqembu le Bafana Bafana elidlale ngayo kulomgqudelwano we African Cup of Nations. “Eqinisweni, iqembu le Nigeria linabadlali abaseqophelweni eliphezulu kakhulu nomqeqeshi osezingeni eliphezulu.

Sibonga nomqeqeshi wethu uHugo Brooks ngomsebenzi wakhe awenzele iBafana Bafana” kusho uModiba. lLomdlali oyibamba kwesobunxele uvimba izitha abuye ahlasele umangabe iqembu lihlasela njengoba uyakwazi nokushaya namagoli. UModiba ngomunye wabadlali abaqhamuka enkulisa yeqembu le Super Sports United.

Lapho eqale khona ukugqama eqenjini le Super Sports United ngaphambi kokuthi asayine ku Mamelodi Sundowns FC, nabanye abadlali abafana no Teboho Mokoena, Rowen Williams, Sipho Mbulu. UModiba ufike wayidla indawo yangakwesobunxele, lendawo ibibanjwe ngu Teboho Langarman ongasekho ku Mamelodi Sundowns FC, kanti yena lendawo uyibanga ngo Terence Mashego.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.