
IKaizer Chiefs icacisile ngabadlali abathathu ngokuvuselela izinkontileka zabo, labadlali ngu Nkosingiphile Ngcobo no Bruce Vhuma abaqhamuka enkulisa yaleliqembu nasebevuselele ngeminyaka emibili ehambisana nemibandela.
Labadlali abakhushulwa ngu Arthur Zwane esikimini esikhulu ngemuva kweminyaka emthathu. baqale kahle isigaba se PSL kodwa manje kade beshikisha ibhentshi. Khona manjalo umqeqeshi obambile uCavin Johnson uyakholelwa kakhulu kubadlali abancane.
Leliqembu le Kaizer Chiefs liphinde lavuselela inkontileka yonozinti onephunga elingelihle kubalandeli be Kaizer Chiefs, uBrendon Petersen. Lonozinti uzibangele isigcwagcwa ngokudedela amabhola alula amanye awapha izitha. Kulindeleke ukuthi leliqembu liphinde lichithe abanye abadlali abafana noNjabulo Ngcobo ongasaneme ukudlalela leliqembu lamakhosi amahle.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
