
UBongiwe Ngubane ongusomabhizinisi nomnikazi wenkampani i-Bongi&Thabi Decoration Company ehambela iNingizimu Africa yonkana ngalomsebenzi. Uthi kulomkhakha unfanda njalo kanti kubalulukile noufangezinye izinhlaka, “njengoba ngingusomabhizinisi kumele njalo ngifunde nami kozakwethu abaqhamuka kumaXhosa, amaNdebele, Abasuthu, Pedi, Venda, Batswana, nabamhlophe, Indian, AmaSwati, ngoba khona njalo engukucoshayo kubona.” kusho uBongiwe.
Baqale lelibhizinisi ngonyaka ka 2022 ngemuva kancane kwe Covid 19 ngenhloso yokuvula amathuba omsebenzi entsheni yase Ningizimu Africa naKwaZulu Natal. Kumanje lelibhizinisi linabasebenzi abangu 4 abaqashiwe ngokuphelele bese kuba khona abanye abangamatoho.
UBongiwe usichazele kabanzi ngomsebenzi wakhe webhizinisi elenza umsebenzi we Decoration omuhle nomqoka kakhulu kubantu abenza imishado, izindwendwe, umemulo, umbuso, nemcimbi kahulumeni kanye neyomphakathi. Lomsebenzi unamasizini kakhulu njengoba ubamningi kakhulu ngesizini yaseHlobo nango December, March, June.
UBongiwe unesipiliyoni salomsebenzi njengoba esebenzele izinkampani eziningi ezinkulu kanti umsebenzi wakhe uhlanzekile ngalendlela eyisimangalisa nobunono bekati. Amakhasimende akhe awawuvali umlomo njengoba bambiza ngomaNgubane. “Bengamazi umaNgubane ngimuyalelwe ngomunye wabangani bami, aybo! bhuti wangishayela into yamehlo ngiyakutshela wena ngisho abantu abawuvalanga umlomo ngobuhle be Decoration yakhe, ngabona ukuthi unesipiliyoni kakhulu kanti unobuntu enjalo maNgubane.” kusho uNomathemba Mtshali wase Mzinyathi.
Omunye ophawulile ekhasini lakhe ngu Thandeka Gumbi wase Msinga wathi ngambona enza umsebenzi omuhle emshadweni kasisi wami Kwamashu. “Ngoba umsebenzi uhlala njalo uguquka kumele njalo sihlale sifunda okusha, njengoba ngibambisene noThabi yena usemusha ubambe iqhaza elimqoka enkampanini ngoba wenza umsebenzi wasehhovisi kanye nokukhangisa ezinkundleni zokuxhumana nokulapho simaketha khona kakhulu lomsebenzi wethu.
UBongiwe useke wasebenza nabahleli bemcimbi emkhulu abaqhamuka phesheya kwezilwandle ICC eThekwini. UBongiwe Ngubane udabuka eMabomvini esigodini sakwa Dolo kanti uqale imfundo yakhe yamabanga aphansi KwaDolo Primary School waphothula ibanga leshumi eSomahashi High School. Wbe esadlulela e-University of South Africa. UBongiwe uphinde wanxusa abantu base eMsinga nase Mzinyathi namaphethelo ukuthi bavuke bazithathe. uphinde waveza ukuthi uzivulile izandla kulabo abanothando lalomsebenzi. Mangabe bedinga ukuxhumana labo abafuna ukufaka ama oda bangathumela kule email address Sanelisiwe. Ngubane@Yahoo. Com nokunombolo yocingo 0740753 204
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.







