
Abafundi bamabanga aphansi eMsinga bavundululwa amakhono ngothisha basema Primary School, kepha uma sebefika ema-High School, balahlekelwa ilamakhono eziphiwo zabo ngoba abekho othisha bezemidlalo.
Labothisha bagxila kuphela ezifundweni zodwa, kodwa kubukeka izikole zabamhlophe zikwenza konke njengoba abadlali abaningi be Rugby, Cricket kanye ne-Athletics Short Distance baqhamuka kulezikole zabamhlophe. UMsinga unothile kakhulu ngezemidlalo njengoba ngaphambilini bewunabadlali abanamakhono kodwa abangalitholanga ithuba lokudlala ku Dstv Premiership League, Motsepe Foundation League kanye ne-ABC Motsepe League, kodwa namuhla kunabadlali abakhiqhizwe ngu Welcome Mpanza ongusihlalo woMsinga United.
Labadlali abathathu badlalela I Richard Bay FC edlala ku Dstv Premiership League, kukhona uBandile Mzambiya Ndlovu, Nkululeko Mkhulise Miya, Thabani Motsiri Mthembu, kunabanye abadlali abadlala emaqenjini afana no Pretoria Callies edlala kuMotsepe Foundation League.
Namuhla, e-Africa abantwana baphila ngezemidlalo nezobuciko, emazweni asenhla ne Africa abantu abanemali nabanothile ngabadlali bebhola nabaculi ngoba ohulumeni bakhona banenkohlakalo embi. Indawo yase eMsinga iphethe igolide kwezemidlalo njengoba ngaphambilini yakhiqiza uRichard Ngubane, Sazi Ngubane, Thulasizwe Zakwe, abagijima kuMaZulu FC, Mxolisi Bhojazi Mbanjwa we Royal Eagles, Lowrance Big Ben Ngubane wabayimenenja yamaqembu amaningi afana ne Orlando Pirates okubalwa, AmaZulu FC, Royal Tigers, iManning Rangers kanye African Wanderers FC.
Kumanje abantu baseMsinga bagcwele yonke iminxa njengoba kukhona izintatheli ezisebenza SABC, Super Sports TV, osomabhizini abadumile abaqhamuka eMsinga. Kunomsubathi wakwa Majozi isizwe, u-Ayanda Mafikaphathe Ngcobo ongumphetha we Harry Gwala Marathon, nobehamba phambili ku Comrades Marathon usemele INingizimu Africa.
Mangabe uMsinga unganamathela ekuvunduleleni ezikoleni abanamakhono anohlonzo, ungathuthuka kakhulu ngoba abantu base eMsinga bayazimisela ngomsebenzi. Kumanje kudingeka abaholi bezomnotho abashodayo kulesizwe njengoba sihlome ngomhlaba wezolimo omuhle. Amazwi ashiwo ngu Peter Tosh wathi indawo nendawo inomcebo wayo njengoba uMsinga ucebe ngezelimo nezemidlalo, ezobuciko.
Khona manjalo kunemiqudelwano emningi edlalwa yizikole zase Ningizimu Africa, amaSalga games, Cop Coca-Cola Cup, Danone Cup, Motsepe School Cup. Izikole zaseMsinga azilibambi iqhaza, lokho kuncisha abantwana amathuba okubonwa ngabahlwayi bamaqembu amakhulu adlala ku Dstv Premiership League.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
