
UJoki wamahhashi osemncane waseNingizimu Afrika, uthi ufisa ukubalwa njengabanye ojokhi akahamba phambili emhlabeni. UNokubonga Gamede wase Mondlo ongujoki wamahhashi ohamba phambili eNingizimu Africa kumtelebhelo, ngaphansi komndeni wakubo kaGamede.
Lentokazi eneminyaka engu 22 ubudala isihambe ibanga elide kakhulu emjahweni wamahhashi omtelebhelo emakhaya. Uqale ukugibela ihhashi lakhe uKinga ngo 2015 wanqoba iDundee July wahlulwa kabili. wanqoba Scott Ville Heritage Cup kusukela ngo 2015 senqobeyonke, Harry Gwala Summer Cup kusukela ngo 2018 nganqoba yonke ngahlulwa kanye, ngonyaka odlule ngiqale ukudlala iNkandla May ngayinqoba, ngaphinda nganqoba eMpangeni racing Horse. lentokazi isibuya eCape Town lapho beyifunda khona ngamahhashi.
Lentokazi eqale imfundo yakhe yamabanga aphansi ePhucuka Primary School, yabe isiphothula ibanga leshumi eSekethwayo Secondary School, iqale ukugibela amahhashi akubo ineminyaka engu 11 ngesikhathi ilandela kubafowabo abadala, kanti akabange esabheka emuva kusukela lapho. Uyingane yesi-15 kuBaba Gamede, kanti bayizingane ezingu ezingu 42 kumakhosikazi angu 7.
UNokubonga uyazifela ngomculo kamasikanda nomculo wokholo, kanti ngeke umnike esingaboni njengoba ezithandela usu. Uphinde waveza ukuthi noma engakaze acabange ngokugana kodwa komele umkhwenyana amuthengele amahhashi ngoba uyazifela ngawo.
Khona maduze, lentokazi ithi izoqala ukuba nesitebela sayo samahhashi mangabe eqeda ukugibela amahhashi akhokhelwayo. Lentokazi isiphenduke usaziwayo njengoba isinqobe imijaho emkhulu ekhokhelwayo kanti sekuyaqala ukukhanya kumsebenzi awenzayo. “Abantu kumele bengajaji abantu ngomsebenzi wabo.” kusho uNokubonga.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.





