
Isinxuse abaphathi beqembu le Al Ahly ukuthi basayine umdlali we Mamelodi Sundowns FC uTeboho Mokoena inkakha ye-Al Ahly yase-Gibhithe. U-Abotrika waduma kakhulu eqenjini lesizwe lase Egypt naku Al Ahly ngoba wayenebhola elinomjiko oyaphambili. UMokoena usezakhele igama ebholeni lase Africa njengoba edlala ngokuzimisela selokhu kuqale lemidlalo ye African Cup of Nations.
Lomdlali waseswini oneminyaka engu 27 we Mamelodi Sundowns FC uqale ukugqama emazingeni aphansi eFree State. Ngaphambi kokuthi adlulele ku Super Sports United, lapho ufike wagila izimanga ngesikhathi eyibambe no Sipho Mbulu abanaye kumanje ku Mamelodi Sundowns FC.
Lomdlali udlala ngokuzwana noSiphephelo Sithole enkabeni yenkundla eqenjini lesizwe ” Bafana Bafana, kanti uTeboho Mokoena usedonse amehlo amaqembu amakhulu Europe kamuva.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
