
UNDUNANKULU osanda kuqokwa njengoNdunankulu wesizwe samaZulu, uMfundisi uThulasizwe Buthelezi, usecele umhlangano ophuthumayo neNgonyama Trust Board kanye nesikhulu esiphezulu. Encwadini eputshuziwe ecela umhlangano, uButhelezi uthe iSilo uMisuzulu KaZwelithini ufuna ukucaciseleka ngezinto ezithile.
Kuzwakala ukuthi iSilo asineme neze ngokuthi ibhodi liwabeka eceleni Amakhosi uma lithatha izinqumo ezithinta umhlaba ongamelwe yiwona egameni labantu bawo.
NgoMsombuluko uButhelezi umemezele ukuthi iSilo sesiluqalile uhlelo lokubheka ukuthi ngabe kusengenzeka yini ukuthi iNgonyama Trust ibe ngaphansi kukaNgqongqoshe wezoLimo, ukuBuyiswa koMhlaba nokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya, uMnuz Thoko Didiza, esikhundleni saMakhosi.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
