UMnyango wezeziMali kuMasipala wesiFunda uThukela uhlele waphinde wabamba iProcurement Indaba eLadysmith Crown Hotel izolo. Kulo mcimbi bekukhona iMeya yesiFunda iNkosi NB Shabalala, uCFO uMnu BB Sithole, omele uNgqongqoshe uMnu JN Madondo, iMenenja ye-SCM uMnu L Ngwenya, abaphathi kanye nezikhulu.
Inhloso enkulu yele-Indaba bekuwukuhlola kabusha,nokuvuselela izifundo ngezinqubo zokuthengwa kwempahla nokuphathwa kwezinkontileka. Emazwini akhe uMeya uShabalala ukhumbuze izethameli ukuthi umsebenzi omkhulu kaMasipala wesiFunda uThukela wukuhlinzeka abantu ngezidingongqangi, okungamanzi ahlanzekile nokuthuthwa kwendle okunesithunzi. Ube esethula iMenenja kaMasipala esanda kuqashwa, uMnuz LS Jili. UMnuz Jili; othe uthobeke kakhulu ngokuba yingxenye yale nhlangano.
Ubalule nokuthi unethemba lokuthi kuzoba nobudlelwano obuhle bokusebenzisana njengoba kusamele axhumane nawo wonke umsebenzi. UMnu. Ngwenya uphinde wethula isethulo esinemininingwane esicacisa ngezinqubo ze-SCM mayelana nokuthengwa kwempahla. Uchaze ukuthi umasipala usuhlanganise imigomo yeSCM kanye namabhukwana okuthengwa kwempahla. Nokho, kudingeka kube noshintsho lwesiko ngaphakathi. UMnu Ngwenya uqhube wathi ukuhlela kumele kwenziwe ezingeni lomnyango kuncike kwisabelomali esigunyaziwe salowo mnyango.
Ibhuku lesicelo kufanele libe seligcwaliswa ngumuntu wokugcina futhi ligunyazwe yi-HOD yalo. Ikhotheshini ebhaliwe esemthethweni kufanele itholwe zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa zokufaka isicelo. Uphinde wachaza ukuthi ngokokuchezuka, i-accounting officer ingase ihoxise uhlelo lokuthengwa kwempahla olusemthethweni olubalulwe yilo mgomo futhi kumele lubikwe emkhandlwini futhi kumele lugunyazwe yisikhulu esinesibopho sokubika ngaphambi kwesikhathi.
UMnu Ngwenya uqhube wathi izinselelo ababhekene nazo njenge-SCM wukungafiki kahle ukuntuleka kokuxhumana nababambe iqhaza bangaphakathi nabangaphandle, kanye nokwehluleka ukuhambisana nemithetho ye-SCM yiminyango engabasebenzisi. Izithombe: Sindi Mvelase.







