
INkantolo eNkulu yasePitoli igwebe owesifazane, isoka lakhe kanye nelungu leCommunity Policing Forum ngokubulala umyeni wakhe. UMarriod Ndebele (47), isoka lakhe uPiet Tlowaye Monyai (62) kanye nelungu le-CPF eSoshanguve uTshepo Frans Kekana (40) bazochitha impilo yabo yonke ejele ngecala lokubulala ngenhloso umyeni kaNdebele, uFarai Ndebele.
UNkskz Ndebele ubuye wagwetshwa iminyaka engu-15 ebhadla ejele ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, emihlanu ngokutholakala nezinhlamvu ezingekho emthethweni, engu-15 ngokubamba inkunzi esebenzisa isihluku kanye neminyaka emithathu ngokuphula umthetho.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority, uLumka Mahanjana, uthe ummangalelwa ushade nomufi iminyaka engu-25 futhi banezingane ezimbili ndawonye. UNdebele ubejola nosoka lakhe noMonyai, naye olahlwe yicala lokubulala. “Ngomhla ziyi-14 kuNhlangulana 2019, uNdebele wahlela nomzukulu wesoka lakhe uKoketso Piet Monyai (24), osegwetshiwe kuleli cala kanye noKekana ukuthi abulale umyeni wakhe. UKoketso wabe eseyisa uNdebele kumngane wakhe uNdivhuwo John Tshiwela, ukuze ayocela isibhamu ngenkokhelo ka-R750 ayithole esokeni lakhe.
Ngemuva kwezinsuku ezine zingu-18 Juni 2019, isoka lahambisa uKoketso noKekana kwaNdebele, nokuyilapho badubula babulala umyeni,” kusho uManjana. Uqhube wathi uNdebele wabayalela ukuthi bathathe ezinye zezimpahla zomyeni wakhe ukuze kube ngathi ubebanjwa inkunzi.
Ngemuva kokubulala uunkosikazi kaNdebele wabikela amaphoyisa wathi akabazi ababulali. “Ngemuva kophenyo lwamaphoyisa, unkosikazi waboshwa ngemuva kwesonto kwenzeke lesi sigameko emzini wakhe, kwathi uMonyai noKekana baboshwa ngemuva kwezinsuku ezimbalwa besekhaya eSoshanguve,” kusho uMahanjana.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
