Izintatheli zase Morocco zilwise izikhulu ze Bafana Bafana

Izikhulu zeqembu lesizwe lakuleli- iBafana Bafana zinqwamane nenkinga e Cote d ‘iVorie. Lezikhulu zinqindwe amandla yizintatheli zase Morocco ngesikhathi zijabulela ukugeja kwephenathi ka Hacraf Hakimi. Izintatheli zivimbe izikhulu zakuleli ukuthi zingajabuli ngokushweba kwephenathi okudale uhlevane phakathi kwezikhulu nezintatheli.

Leliqembu lase Morocco liqale enkundleni abadlali belwisana nezinqumo zikanompempe. Lokhu kulwa kwabo nokho akubanga nomthelela omuhle eqenjini lase Morocco ngoba kudale umonakalo omubi ngokuthi ukaputeni walo Romain Saiss ekhombe ngenjumbane unompempe obephethe umdlalo.

Izinto zivele zalibhedela kakhulu iqembu laseMorocco ngesikhathi uSofyan Amrabat ethola ikhadi elibomvu ngenxa yokudlalisa kabi uTeboho Mokoena, novuke phansi washaya i-free kick unozinti waseMorocco ayizwe ngendaba.

Abadlali baqale bakhuphukelwa yimoya kodwa yasinda iMorocco emagolini amaningi ombhabhadiso we Bafana Bafana. Abalandeli base Morocco bakhihle isililo sika Nandi. ngesikhathi iBafana Bafana itinyela iMorocco kanti phakathi kwezikhulu ebezihaqwa yizintatheli zase Morocco kukhona Vincent Tseka oyimenenja ye Bafana Bafana noDavid Molwantwa.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.