USodolobha waseNquthu uhalalisele abafundi abaphothule ibanga leshumi

USodolobha kamasipala wase Nquthu uLindokuhle Shabalala uhalalisele abafundi abaphothule ibanga leshumi kanti uMeya uphinde wabahalalisa nangezipho ngemzisebenzi yabo enokuzikhandla kanye nokuzimisela.

Phakathi kwezipho uSodolobha uMshengu azigixabeze labafundi, ngama-laptop, waphinde watusa izinhlaka zezemfundo ukuba zibambe iqhaza elimqoka lokusiza abafundi ukuthi baphase. Ube esebongela abahloli, othisha, nabazali ngokusiza nokugqugqumezela imfundo njengoba iwumgogodla wokuzithuthukisa.

UShabalala waziwa njengesisishabasheki sentuthuko kumasipala awuholayo wase Nquthu, kanti kolmcimbi ubephelezelwa ngamakhansela nezikhulu zalomasipala. UMcedisi Maphisa obeyisikhulumi nobegqugquzela abafundi njengoba sebezoyofunda ezikhungweni zemfundo ephakeme, ubakhombisile ngolwazi olunzulu, wabashiya nomphako abazowudla ngendlela.

Ukhansela Mr Ngobese ubephakathi kwezikhulu, noSomlomo walomasipala Mr Shenge. Umfundi oyisiqenqe kube ngu Zekhethelo Madlala obefunda Maceba Secondary School, walandelwa ngu Nomfundo Dubazane obefunda eZindlalele High School, kanti izinga lokuphasa lenyukile kakhulu ezikoleni ezingaphansi komkhandlu wase Mzinyathi naKwaZulu Natal.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.