Ugila izimanga kwezemidlalo uthisha wase Mabomvini

ULucky Ntuli onguthisha wase Hlanzeni Primary School uthi kubalulekile ukubuyisela lapho oqamuka khona ngoba akugcini nje ngokusiza umphakathi kepha kuthuthukisa nesizwe. Lo thisha ungomunye webambe iqhaza elimqoka emphakathini wase Mabomvini nase Msinga namaphethelo.

Uzalelwe eMabomvini esigodini sakwa Dolo, wabe eseqala khona imfundo yamabanga aphansi khona lapha aseyibambe khona, eHlanzeni Primary School. Okuthe ngemuva kwalapha wabe esedlulela eSomahashi High School lapho ephothule khona ibanga leshumi. UNtuli ube eseqhubekila nemfundo yakhe yamabanga aphezulu “University of South Africa lapho ephothule khona iDegree yobuthishela ne-Honours.

Njemanje usendleleni yokuzithuthukisa kwezokuqeqesha njengoba enguthisha wezemidlalo eHlanzeni Primary School. Uphinde abengusihlalo weqembu lebhola lasendaweni, kanti akugcini lapho uNtuli uphinde abengusihlalo wama Primary Schools kwezemidlalo eMabomvini kuBhambatha Region, aphinde abengusekela sihlalo wama Primary Schools eMsinga namaphethelo.

Kucacela noma ngubani ukuthi lensizwa iyazifela ngemidlalo kanye nosiko lwayo, ngoba ibamba iqhaza emidlalweni eminingi eyahlukene, kanti usanda kuhlela imidlalo ye Track & Field, okuyimidlalo ekade ibanjelwe esigodini sakwa Ndayi ezinkundleni zase Nyoniyezwe High School.

Izikole beziphume ngonuningi bazo ukuzoba yingxenye yalomqhudelwano, ezikoleni ebezibambe iqhaza kulemidlalo bekukhona uDolo Primary School, Hlanzeni Primary School, uMuziwenkosi Primary School, iMfenebude Primary School, iSibila Primary School, iSimanyama Primary School, iHolisizwe Primary School. Kuzothi ngomhlaka 9 February ama Primary School azoqhudelana ePomeroy Sports Ground, bese kuthi ngomgqibelo ama High School ase Msinga azoqhudelana ePomeroy Sports Ground. Abayonqoba bazodlulela eDundee emdlalweni wama District, baphinde badlulele emqudalwaneni wesifundazwe.

Uthi ufisa ukwenza ngawo wonke amandla ukugcina usiko lwezimadlalo ezinganeni luqakambile. “Ngifisa ukuthi lokhu esikwenzayo, ukuthi umntwana agxile kwezemidlalo kanye nemfundo ukuze abenamathuba amaningi okuziphilisa kusasa ngoba ngiso emezingeni emfundo ephezulu ezimidlalo zikhona” kugcizelela ULucky Ntuli ophinde wanxusa ukuthi nomphakathi ulekelele futhi uthande ngengqalasizinda yezimidlalo ukuze nabantwana bakwazi ukuzisebenzisa. Lothisha wase Hlanzeni Primary Schooluphinda abengomunye abahleli baMabomvu Soccer Tournament.

Lothisha ogqamisa ukuthi sonke isizwe singenza umehluko omkhulu uma singabambisana futhi sixhasane ngoba ezemidlalo zigqugqumezela umoya wokuzwana. Lokhu kwenza iqhaza alimbambayo umfoka Ntuli kanye namathimba ahlukene asebenza nawo, lithakaselwe kakhulu eMabomvini njengoba elithuthukisa izinga lezemidlalo. uLucky Ntuli uhamba ezinyathelweni zika Mdamfemfe Ngubane kanti kulindeleke ukuthi akhiqize abadlali abanohlonzo abazodlala esigabeni esikhokhelwayo kanti umangabe ufuna ukuxhumana no Lucky Ntuli
079 255 6307


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.