Owodumo ku Kaizer Chiefs ukhonjwa ku Cape Town Spurs

UKhama Billiat ukhonjwa ku Cape Town Spurs elwela ukuvika izembe njengoba ihlezi emsileni. Lomdlali owazakhela igama ku Ajax Cape Town, Mamelodi Sundowns FC, Kaizer Chiefs, ngokuthola komthombo lomdlali uhlangane nomqeqeshi Enerst Middendorp ngenhloso yokumsayina.

UKhama Billiat usephenduke intothoviyane njengoba alikho iqembu elifuna ukumsayina lomdlali wase Zimbabwe ngoba walaxaza iqembu le Kaizer Chiefs ngokuphela kwesizini ngo June, kusukela lapho ubebhuquza ekhaya.

UBilliat uke wamantaniswa neqembu leZamalek FC yase Egypt ngaphambi kokuthi ajime neqembu le Super Sports United. Lomdlali unobudlelwano no Middendorp njengoba ubemqeqesha eqenjini le Kaizer Chiefs. Kulindeleke ukuthi lomdlali atheleke eKapa lodumo ukuzoqala umsebenzi omusha ku Cape Town Spurs.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.