
UNomfundo Myeni ungusomabhizinisi ozalelwe eNgwavuma kodwa osezinze eThekwini, uthi obonga ugogo wakhe ngokumfundisa impilo nokubekezela, osekumsize kakhulu empilweni yakhe. Lentokazi iqale amabanga aphansi khona eNgwavuma kepha kwathi ngemuva kokudlula emhlabeni ka Gogo wakhe, obehlala naye kumphoqe ukuthi ayishiye indawo yase makhaya ayohlala noMama wakhe edolobheni lase eThekwini.
Lapho uqhubekile nemfundo yakhe waze waphothula ibanga leshumi ngemuva kokuphothula ibanga leshumi akabange esaqhubekanga nezifundo zakhe emabangeni emfundo ephakeme ngenxa yozimo zemali. Uqale wafuna umsebenzi wagcina esebenza eGalaji ngoba waphinda wasebenza eMahotela njengo weta.
“:”Ngo 2019 kuqale kwabanzima kuyena njengoba ngingasawutholi umsebenzi, ngase ngivele ngifikelwa umcabango wokuqala ibhizinisi lokudayisa izinwele ngoba ngifuna ukubeka isinkwa etafuleni. Ngiqalile lomsebenzi ngawubona udlondlobala ” kusho lentokazi, “Ngionile ukuthi khona elinye ibhizinisi engingaliqala njengoba ngigcine sengiqala iFufu Snacks enterprise lapho ngikuthumelela nomangabe uhlala kuphi” enanela.
UNomfundo Myeni uthi usefuna ukusabalalisa umsebenzi wakhe eGauteng, Mpumalanga, Limpompo, Eastern Cape kanti uthi usanabasebenzi abamsizayo kepha isifiso sakhe ukubaqasha ngokuphelele. Izinwele azidayisayo zingamanani ahlukene ngokwamazinga empilo njengoba alikho ikhasimende lakhe elibuya lingaphethe lutho mangabe livakashele ibhizinisi lika Nomfundo.
Amakhasimende ka Nomfundo awuvali umlomo ngendlela abapha kahle ngayo njengoba ukhangwa yinhlanzeko kuqala nephunga elimnandi lapho esebenzela khona. Kudlalelaphansi umculo opholile, amakhasimende ayaphithizela lapho nomunye ufuna akakuthandayo. Nomfundo uyatholakala eThekwini namaphethelo enombolweni yocingo ngesikhathi somsebenzi 068 080 6075.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
