Ukhala ngamqembu akuPSL usihlalo weBlack Leopard

USihlalo we Black Leopard uChief Thidiela ukhala ngamaqembu ka PSL ashela umgadli wakhe wase Namibia Bethuel Mazeu. “Bayafona bangifuna lomfana manje bonke bathi bahlabeke umxwele ngaye. iqiniso angimdayisi siyamdinga kakhulu eqenjini le Black Leopard FC” kusho uThidiela.

“UMazeu ungumxazululi wamagoli eqenjini lethu manje mangabe kuhamba yena. sizomtholaphi umxazululi magoli ngoba nesikhathi sibi, uyaqonda ukuthi leliqembu belidliwe yizembe ngesizini edlule. Manje siqale phansi sathenga kuqembu le Cape All Stars siqala kabusha iqembu lethu ngenhloso yokukhuza ibuya ku Dstv Premiership.

UBethuel Mazeu wakhanda igoli lashaywa ngu Deon Hotto ngekhanda ngesikhathi leliqembu lesizwe lase Namibia linqoba ku Tunisia emdlalweni wokuqala we African Cup of Nations. Uphinde wagqhama emdlalweni wokugcina we Namibia lapho ibidlala ne Angola. uzikhombisile ukuthi ngumgadli osezingeni eliphezulu kakhulu. Kumanje uhamba phambili ku Motsepe Foundation League ngokushaya amagoli angu 10.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.