
UMalombo Ncebo Sibiya owayengumqeqeshi waMaZulu FC kanye ne-African Wanderers, ukholwa ukuthi uMabhuti Khenyeza ngumqeqeshi omkhulu noma inkonyane isathuka isisinga. UMabhuti unabo ubuholi kusukela esengumdlali wayenabo, ngibona ukuthi uManto Madlala kuzomele akuqonde ukuthi usacathula kulomsebenzi noma ngabe iqembu lilahle amaphuzu amqoka, kodwa uyafunda uzojika izinto ngemidlalo embalwa.
Ngimbonile emdlalweni embalwa yeGolden Arrows ngabona ukuthi uzofunda kuwona amaphutha. ngicabanga ukuthi lelikhefu le CAf African Cup of Nations liyamsiza kakhulu.
UMabhuti Khenyeza uqale ukuhlala ebhentshini le Maritzburg United engusekela mqeqeshi Muhsin Ertugral ngaphambi kokuba ayibambe no Vusimuzi Kanu Vilakazi njengoba useyinhloko yabaqeqeshi ku Golden Arrows. Kumaqembu adlale kuwona yi Maritzburg City, Golden Arrows, Kaizer Chiefs, Mamelodi Sundowns FC, AmaZulu FC, Mpumalanga Black Aces.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
