USisa Nombe unxusa abaphathi be Moroka Swallows FC ukuthi bayidayise

USisa Nombe owayengumdlali we Moroka Swallows FC unxusa abaphathi beqembu le Moroka Swallows FC ukuthi bengabe besachitha isikhathi sokulidayisa ngoba umonakalo abawenzile usumkhulu ngaphezulu kwabo. Ngibona kungaba ngumqondo omuhle ukuthi bahlale phansi bavumelane bonke balidayisele leziqumama zase Germany ezilifunayo.

Ngoba mangabe beliyeke kumanje bazolahlekelwa kakhulu ngoba yibona abangathembekanga kubadlali be Moroka Swallows FC manje basola abadlali ngento engekho. bazobathathaphi abadlali abanohlonzo abazodlala ngabo ukuvika izembe. Njengoba bengenabo ngisho abaphathi abazofika bazothola leliqembu limoshakele kakhulu. lidinga ukuqalwa phansi lonke ngisho abaphathi.

Uyabona mangabe uqashiwe kumele uhole nyangazonke. mangabe ungaholi kumele ushiye ngoba ngumbhedo lowo. abadlali bondla imndeni yabo. manje mangabe bengaholeli basuke belambisa imndeni yalabadlali. abaphathi babambelele ngezidindi njengoba iqembu limuka nomfula.

Kumanje kumahliphi hliphi kumaswayi swayi njengoba leliqembu. njengoba kukhalwa ngezimali ezingekho. abadlali baxoshwa ngapha nangapha. kulindeleke ukuthi nomqeqeshi uSteve Khompela alishiye leliqembu.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.