Ucacisa ngenhlangano yomphakathi umholi ‘wobumbano laMabomvu ngentuthuko’

Umholi Wobumbano laMabomvu ngentuthuko, uSbongiseni Cijamlenze Mbatha, ubenengxoxo ekhethelekile, lapho ebikile khona IBUNDA IZINDABA kabanzi ngelenhlangano.”Ngiqale ngibingelele iNdlunkulu yesizwe saMabomvu neZinduna, nezibonda nobuholi bezinkolo ngokuhlukana nabaholi bamaqembu ezinhlangano zepolitiki. Yabona Bhuti lenhlangano ngeyomphakathi wase Mabomvini wonkana, kanti siyiqale lapha eGoli nasehekwini. Lenhlangano siyiqale ngenhloso yokufukula umnotho wesizwe saMabomvu njengoba thina singenayo intuthuko nhlobo lapha eMabomvini wonkana”. kubeka uMbatha.

Lelizwe lase Mabomvini libanzi alinayo iPolice Station futhi linama Clinic amathathu kuphela kodwa abantu abaphila kulesizwe baningi kakhulu njengoba aMabomvu ngokocwaningo kuvela ukuthi yisona isizwe esinabantu abaningi eMsinga. “Kunomgwaqo ophuma e Greytown uhambe uhlangane no Dundee Road awunalo itiyela, kodwa izimonto ziningi kakhulu kulesizwe manje zigcina ngokuthi zilimale ngoba umgwaqo mubi kakhulu. Amanzi awekho eMabomvini yonke indawo njengoba ubona kwezinye izindawo zasemakhaya zinawo amanzi. Ngisho izinkundla zezemidlalo azikho nhlobo lapha yabona nje lomgwaqo ophuma eGreytwona awugugulwa nhlobo njengoba bekwenza uhulumeni wabelungu.

Angisaphathi ke i-network ayikho kuze kumele ukhuphukele ezintabeni. Kunemigwaqo emncane engena emakhaya ayilungiswa nhlobo. Amaholo awekho kwezinye izigodi zase Mabomvini, yingakho thina singabahlali nabavoti base Ningizimu Africa kumele siyithole intuthuko njengabantu base Ningizimu Africa.

Abaholi bezepolitiki kumele sibambisane nabo sinhlanganyele ukuletha intuthuko yomphakathi. Akubengabibikho ukuklwebhana nokungaqondi ukuthi sidinga intuthuko sonke ngoba ngiyacabanga ukuthi akekho umuntu othanda indawo yangakubo ingabi nayo intuthuko.” kunanela uMbatha.

Ophinde waxwayisa ukuthi konke lokhu bakwenzela isizwe. “Kulabo abacabangaukuthi silwa nabo, akunjalo kodwa silwela amalungelo ethu singumphakathi wase Ningizimu Africa njengabo bonke abantu base abanamalungelo kulomthetho sisekelo wezwe. Asibambisaneni Mabomvu sihlinzeke umphakathi ngentuthuko njengoba singenayo, silandela emuva kakhulu kunezinye izindawo.” kuphetha uMbatha.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.