UPatrice Motsepe usequmbe imbuso emkhulu ebholeni lase Africa

UPatrice Motsepe usequmbe imimbuso emikhulu ebholeni lase Africa ngoba eqale ngombuso weKaizer Chiefs kanye ne-Orlando Pirates, wabe esedlulela e-Egypt lapho ufike waqumba phansi umbuso we Al Ahly kanye neZamalek FC. UMosimane uphinde waqumba phansi umbuso we TP Mazembe yase DRC Congo, wabe esedlulela eTunisia ku USM, kanti njengamanje usebenza ukuqumba phansi umbuso olikhuni wase Morocco.

Lemibuso yebhola lase Africa beyikhonya kudliwa izimali ngenkohlakalo, kodwa namuhla useqalile ukufaka abantu ezinhlizweni zabo njengoba useqalile ukukhuculula inkohlakalo, waphinda waqala ibhola lezikole iCAF Schools Cup, kanti kumanje nalabo ekade bemsola ukuthi ngeke aliphathe ibhola kahle bathule manje.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.