
Abaqeqeshi abamhlophe abalandwa phesheya kwezilwandle futhi abenamagama amakhulu ebholeni lomhlaba ngokuthi labaqeqeshi bebethwelwe ngeqoma ukuthi bazogila izimanga, kepha bafeyila ukwenza umsebenzi kuMamelodi Sundowns FC. Lokhu okwadweba isithombe esimbi ngabaqeqeshi abamhlophe base Europe ukuthi bayizithixo zabaqeshi bebhola lase Africa yonkana, kodwa uPitso Mosimane waveza amahlazo ngalabaqeqeshi njengoba wabambula izinqe.
Ethatha izintambo kuJohan Neesken waseNetherlands, uMosimane wanqoba iligi amahlandla ayisikhombisa, i-CAf Champions League, CAf Super Cup, Nedbank Cup kanye ne-Telkom Knockout Cup, njengoba ukuphindile ku Al Ahly yase Egypt enqoba kabili iCAF Champions League ne CAf Super Cup kanye neligi amahlandla amabili.
Abaqeqeshi abafeyila ukuqeqesha iqembu le Mamelodi Sundowns FC yilaba ngu-Antonio Lopez, Henri Michael, Hristo Stoichkv waseBulgaria nowangqama kakhulu kuBarcelona yase-Spain. Abanye abaqeqeshi abayibambe kahle singabala Aliou Cisse wase Senegal, Stephen Keshi wase Nigeria ongasekho emhlabeni owanqoba African Cup of Nations amahlandla amabili.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
