
Bathole izibusiso kuSodolobha uMduduzi Sobholenyoni Myeza abafundi bahalaliselwe ngokuphasa ibanga leshumi emcimbini i-Matric Excellent Awards ka 2023 /2024. Abaholi bakaMasipala Inkosi Langalibalele abahlukene okade beyinxenye yalomgubho, kanti phakathi kwezikhulu zikamasipala bekukhona iphini lika Sodolobha uSithabiso Dladla, uSomlomo kaMasipala SW Khumalo kanye noSB Mthembu oyimenenja kaMasipala nabamele umnyango wezemfundo .
Lombungazo wabafundi ububanjelwe e-Apex Boutique kanti ohlwini lwabafundi abenze kahle, umfundi obaqwaqwade uNontobeko Mlaba uthole ngemklomelo we laptop.
Sebonke abafundi abaphase kahle bami kanjena.
1 Nontobeko Mlaba,
2 Sewraj Pranar
3 Nontobeko Nzimande
4 Bongukwanda Mbatha
5 Mohammed Shairk
6 Sigaqa IViwe
7 Sakhile Mazibuko
8 Nyasha Chikuangani
9 Nomfundo Makhowane
10 Luyanda Nyembe.
USodolobha uMduduzi Myeza udlulise amazwi okubonga kothisha ngomsebenzi omuhle abawenzela isizwe, waphinda wakhuthaza abafundi ukuthi basebenze kakhulu kunakuqala njengoba umthwalo usobhokweni ngokuvulwa kwezikhungo zemfundo ephezulu.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
