OMama bakhiqiza izifundiswa ngomsebenzi wezandla

UThembikile ‘Ndlunkulu’ Nxumalo waKwamhlabayalingane ongomunye wabomama abadayisa bomsebenzi wezandla eDurban Station, enkabeni yedolobha laseThekwini. UNdlunkulu okwiyigama lakhe abizwa ngalo ngozakwabo ubikele IBUNDA IZINDABA exoxweni ekhethelekile lapho uNdlunkulu asilandise khona ngomsebenzi wakhe. “Mina ngaqala lomsebenzi ngo 1982 ngiseyintombazane ngaze ngagana namuhla ngiyisalukazi nje ngikuwona lomsebenzi. Sasihamba ngesitimela samalahle ngaleyomihla kanti lapha senza umsebenzi wezandla eyahlukene.

Kukhona izingqoko zamalala, obhasikidi, izimbenge, izigqoko zabe Suthu, izithebe, amapuleti edeco kanye nezingqwembe” kuqhuba okaZwide. Ozishaye isifuba ngezithelo zemisebenzi yabo ngokuzimisela futhi nangokuzikhandla. “Yabona lapha sesikhiphe odokotela, othisha, amaphoyisa, abameli, ngawo lomsebenzi wezandla, kodwa okungangiphethe kahle enhlizweni yami ukuthi uhulumeni wase Ningizimu Africa nowesiFundazwe usithathela phansi ngalomsebenzi.

Ngikhuluma nawe nje yithina abanikazi bemboni yomsebenzi wezandla njengoba usabalele umhlaba wonke manje abantu bathenga ngemali encane bawudayise ngemali enkulu. Sifuna uhulumeni asifake isandla kulomsebenzi ngokuthi asitholele indlela yokuthi siwudayise ngaphesheya kwezilwandle” kusho uNdlunkulu.

UNdlunkulu uphinde waveza ukungenami njengoba umsebenzi wabo kunzima ukuthi ifinyelele kalula eThekwini lapho besebenzela khona njengoba izithuthi ziyabiza kakhulu emgwaqeni uthin kuyabaqgilaza kakhulu. “Lomsebenzi uyathengwa kakhulu nginxusa abantu abasha ukuthi bangawushalazeli ngoba ulala nenhle imali ongeke wayithola kamlungu. Ngiphinde nginxuse othishanhloko ukuthi bawufundise lomsebenzi ezikoleni kanye nomasipala basemakhaya ngoba ungalekelela kakhulu ekuxosheni ikati eziko” kuphetha Ndlunkulu.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.