
Losomabhizinisi ongusihlalo weSibongamina Clothing engumdaba mlonyeni kubantu kositufuza njengoba edayisa izimpahla zezidudla. Ubikele IBUNDA IZINDABA ukuthi imvamisa abantu abondlekile ngokomzimba kuba nzima ukuthola izimpahla ezibanelayo. “Mina njengoba ngiyisidudla bancane kakhulu osayizi bethu ezitolo nokuyilapho ngaqala khona ukubona ukuthi njengoba sishodelwa izimpahla kuleli lase Ningizimu Africa, ngaqala ibhizinisi kanjalo njengoba lihamba kahle.” kuqhuba lentokazi
“Mina izimpahla zami ngizilanda phesheya kwezilwandle ngoba zinhle futhi ziqinile kanti zikhona nezimpahla zezilenda nabaphathi nendawo. Njengoba ngiphuma Eastern Cape lapho kudliwa khona ngoludala, ngithe mangiqala ukusebenza eThekwini ngabona ukuthi umsebenzi engiwusebenzayo awunginiki imali engiyidingayo ngaqala lapho ukuzifuna ukuthi ngempela ngabe hloboluni lebhizinisi engingalenza. Ngijabulile kakhulu ukwenza umsebenzi engiwuthandayo nengiwuzwa ngaphakathi kimi. Angimanga lapho njengoba ngiphinde ngidayise ngama product ahlukene” kuqhuba uNontathu.
Lentokazi ezithandayo nemamathekayo kufudumale inhliziyo, ithi amakhasimende ayo ahlale njalo ejabule futhi iphinde yahlaba ikhwelo kubantu abasha base Ningizimu Africa ukuthi bangahlali phansi bagoqe izandla, kodwa kumele bavuke bazithathe, futhi baqale amabhizini amancane ngokuhlanganyela. Abantu abasha abanganqeni ukungena ngisho nakwezolimo ngoba imali isenhlabathini.
UNontathu Wami (okuyigama lakhe abizwa ngalo ngabangani bakhe), uthi ukuvuka azithathe kwakhe yikhona namuhla akwazi ukuziphilisa ngakho futhi wondla umndeni wakhe kanti usephinde wakha isithabathaba somuzi ekhaya kubo. “Kuyaphileka kahle kakhulu ngalelibhizinisi” kanti umangabe udinga ulwazi ngebhizinisi lakhe ungamthinta ngocingo kule Nombolo yocingo 078 530 3012.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
