
Kusolwa ukuthi uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal oholwa nguNgqongqoshe walo Mnyango, uMnuz Sipho Hlomuka, ngokunqaba ukwamukela isiphakamiso senhlangano yabalimi baseShowe eNtumeni Farmers Association sokuthi bacela ukusiza ukulungisa imigwaqo yasendaweni ekhahlanyezwe yizikhukhula manje ezikhubaza ukulethwa kwezidingo kanye nokukhubaza amabhizinisi.
Ngokombiko oputshukile owahlanganiswa ngemuva komhlangano owawuseShowe Hills ngoJanuwari 18, 2024, uZama Mdletshe oyisikhulu soMnyango esiseShowe noNellie Zikala wehhovisi lesifunda eMpangeni batshele umhlangano ukuthi bane inkinga yabasebenzi. Baphinde batshela umhlangano ukuthi abanayo imali yokuqasha abasebenzi abasha nokubathengela uphethiloli wemishini yokulungisa umgwaqo. Lo mbiko uqhuba uthi isimo sezimali sibi kangangoba eminye yemishini abanayo ayinabo abantu abayisebenzisayo futhi banethemba lokuthi isimo sizoba ngcono ngo-Ephreli nonyaka uma sebethole imali onyakeni omusha wezimali.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
