
Edward Motale oyinkakha ye Orlando Pirates ne Bafana Bafana. ukhala ngokwehla kwezinga lokuthengiselana abadlali ku PSL ngo January. “Ngiqale ukubona lesimo songavakasheli emakete kwamaqembu ngonyaka ka 2019 lokho kukhomba ukuthi izinga le PSL liyehla kakhulu.” kusho uMotale.
“Abadlali bethu bakhomba ukuthi bashaya udaka emaqenjini abo kanti lamaqembu amancane yiwona ehlise izinga lebhola ngoba yiwona angumthombo wamaqembu amakhulu. Ukuthi abaphathi bamaqembu bayahlala bangasilungisi isimo okugcina ngokuthi kube nomthelela omubi kakhulu ebholeni lakuleli.
Mangabe ubona ngaphesheya kwezilwandle uzoqonda ukuthi amaqembu angene ubuthaphu thaphu ethungatha abadlali ababadingayo ngenhloso yokuqinisa lapho bengenzi kahle khona. Kumanje kunabadlali abahleli emakhaya abangenawo umsebenzi okungabe bayanikwa ithuba labadlali.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
