UKini Shandu uselaxazwe ngabaxhasi

Uselaxazwe ngabaxhasi uKini Shandu kulandela ukugxekwa ngabantu abaningi besibhuda ngemuva kokuthunaza isithunzi sabo. Inkampani ye SMG ihoxile ukuxhasa ama Sebenza Awards kanti ngokunjalo neOcean Mall ihoxile. Kuzokhumbuleka ukuthi uNcumisa Ndelu usanda kubuyisela emuva indondo ayiwinayo, ekhala ngokuthi uKini Shandu wehlisa isithunzi sabantu besimame.

Lesenzo senze umsebenzi ka Shandu waphelelalwa ukuthenjwa kanti khona manjalo uShandu usanda kukhipha isitatimende ekhasini lakhe lika Facebook, lapho ubexolisakhona wazeseka ngokuthi wayencokola kodwa kwabe kungeyona inhloso embi. UKini Shandu ngomunye wabadlali boMkhokha, kuzokhumbuleka ukuthi uShandu useke wasebenza emsakazweni iGagasi Fm kanye ne SABC 1.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.