
UDaniel Amokhachi oyinkakha yaseNigeria uncoma iqhaza elimqoka elibanjwe ngu Patrice Motsepe ongumengameli we CAf. Ubikele IBUNDA IZINDABA ukuthi ubonga umdali ngalomholi, “sibonga umdali ngokusilethela umuntu onolwazi ngezamabhizinisi njengoba ibhola liyibhizinisi., UMotsepe uqede inkohlakalo ebholeni lase Africa njengoba yonke leminyaka belibolile.
Ibhola lase Africa belibolie ngesimanga sokuthi bekudliwa izimali budlabha.” kubika lenkakha., uphinde wakhuculula ibhola emazweni abebukeleka phansi futhi usanda kumemezela ukuthi uyayiqeda, I Confederation Cup ngoba ufuna ukufaka eminye imincintiswano. Uphinde wavuselela ibhola lezikole ebholeni lase Africa nokuphathwa kwezimali zo soseshini seziphethwe kahle, njengoba wonke amazwe anikeziwe imali. Kumanje imidlalo ye African Cup of Nations iqale kahle njengoba nezinkundla kumanje zisezingeni eliphezulu kakhulu Africa awusadlali nomangabe kusobhuqwini njengoba bekwenzeka ngaphambili.” kusho u-Amokhachi.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
