Umqeqeshi we Cameroon ubalisa ngosizi lokulinyalelwa ngumgadli

Uyabalisa umqeqeshi weCameroon, uRigobert Song ngomgadli wakhe nophinde abengukaputeni uVincent Aboubaker. “Ngibona usizi njengoba wonke amapulani ami bengiwakhela phezulu kwakhe. Kumanje siyabamba siyayeka njengoba engekho umgadli ongavala isikhala sakhe. U-Aboubaker ungumgadli osezingeni eliphezulu kakhulu kanti ulimale emavikini amathathu leliqembu lizilungiselela. Ukubalisa kukaSong kuza ngemuva kokuthi aqonde kahle ukuthi amanye amazwe ayizimbangi zakhe. futhi zingadla ngabagadli abahamba phambili emhlaben.

Emaqembini abhekwe kakhulu sibala, iNigeria eholwa ngu Victor Osimhem odlala ku Napoli yase Italy, kube i-Egypt iholwa ngu Mo Salah we Liverpool kube neSenegal eholwa ngu Sedio Mane, kanye neGhana eholwa ngu Mohammed Kudus. Bonke labagadli kubhekeke ukuthi basize amazwe abo ukuthi banqobe African Cup of Nations. Lamazwe ashiye abanye abadlali abamqoka ngenxa yokulimala, abadlali abafana noWilfred Dindi ongumdlali waseswini no Victor Boniface be Nigeria.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.