
Ilokishi lase eMlazi lisaqhubeka nokuba yisidleke sokuntshontshwa kwezimonto nokuba wumgede wezigebengu. Onogada bakwa PA Arlams babike ngohlobo lwemonto yakwa Volkswagen Caddy Maxi, lemonto beyintshontshwe ebhizinisini e Chatsworth. Labo nogada bayilandele baze bathola umkhondo ukuthi isezweni lezinswelaboya eMlazi.
Lapho bafike bayithola khona, kodwa akekho umuntu osaboshiwe njengoba abenzi bobubi bacwale amathafa, ilokishi lase eMlazi lidume umhlaba wonke ngokuntshontshwa kwezimonto nobugebengu, obuhambisana nokudayiswa kwezidakamizwa . nezagoma eziningi ezingomashansane.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
