
Usheshe wafika uKhisimusi emphakathini waseHlathi Dam, eNquthu uMeya kaMasipala wesiFunda uMzinyathi uMhlonishwa Ald PMS Ngubane ethula uhlelo lokushintshwa kwepayipi elikhulukazi elifaka amanzi edolobheni kanye nakwizindawo ezakhele idolobha ebese lilidala liqhuma njalo.
Lolo hlelo lokufakwa kwaleli payipi luzosiza imiphakathi eyakhele idolobha okuwu-Hlathi Dam , Mashisheleni,Luvisi kuze kuyoshaya edolobheni kanti luzofakwa izigaba ezintathu luzodla isamba semali engango-R58.8 million. Lo msebenzi ozokwenziwa eNquthu uzodala amathuba emisebenzi kubantu bendawo bakwazi ukucosha imadlana njengoba uzodonsa izinyanga eziwu-8.
UMhlonishwa Ngubane uthe ukushintsha kwaleli payipi kade bafisa kwenzeke ngoba eNquthu ipayipi labo lidala kakhulu lisebenza izinsukwanyana nje liqhume.
“Ukufakwa kwaleli elisha lensimbi kuzosilekelela kakhulu kuyophela unyaka ozayo inkinga yokuhlupha kwamanzi edolobheni sekuwumlando,”kusho imeya.Lo msebenzi wokwethulwa kohlelo lwamanzi ubuzinyaziswe amakhosi inkosi yamaQamu kahle nosihlalo wamakhosi eMzinyathi iNkosi Mazibuko.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
