
Ibe ngenkulu impumelelo imbizo yabalimi ebihlelwe uMasipala wesiFunda uMzinyathi ngokubambisana nomlimi wesifazane odume ngokuthi unguBrahmanLady ogama lakhe langempela nguNokukhanya Ngubo ebiseDundee namhlanje.
Umasipala wenze lembizo ngenhloso yokuhlomisa abalimi abasacathula ngolwazi lwezolimo njengoba sazi sonke ukuthi umnotho usemhlabathini. Kule mbizo, abalimi asebemkantshubomvu abebeqhamuka ezifundazweni ezahlukene bebesina bededelana enkundleni benikeza abantu ulwazi nethuba lokubahloma ngemibuzo. Abanye benza nemibukiso yemikhiqizo yabo.
Imeya yesiFunda uMzinyathi ithi kade yayifisa lembizo esisize kakhulu ukuba abantu baseMzinyathi bazi ngezinhlelo ezikhona zokubathuthukisa ngaphansi kophiko lwaMasipala iMzinyathi Development Agency. “Abalimi esibaxhasile ngaphansi kwalolu phiko abanye babo sebekhiqizela -u-Orange Groove, benza ama-yorghurt nokunye okuningi. Ukubona intsha iningi kangaka kuyasithobisa kakhulu ngoba imisebenzi kayisekho uma intsha yethu ingathatha lolulwazi elufunde la kukude lapho esingafika khona.
UBrahmanlady uthi bengabalimi nabo bavule izandla ukusiza labo abathanda ukulima futhi bahlela nokuthi kube nendali ezosiza abantu abafuyile bakwazi ukuhlomula imali ngemfuyo yabo bangafuyeli ukuzibuka izinkomo kodwa benze ngazo inzuzo. Bonke abebekulembizo kabawuvali umlomo ngolwazi abalucoshile.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
