[IMIBONO] i-DA ilahlekelwe ukuthandwa nokuthenjwa.

Mhleli ngibingele kwelethu IBUNDA IZINDABA, esilisika mihla namalanga, ngithi nami angizwakalise umbono wami wokuthi ay cha! iqembu le-DA lihlulekile ngaphansi kobuholi buka-Helen Zille no-John Steenhuisen. Ithemba lokugcina ngelokuthi uPappas aqoqe amavoti anele e-KZN ukuze kuvinjelwe isimo esibi kakhulu seqembu.

Abaxhasi be-DA bayayazi kakhulu le nhlekelele futhi ngenxa yalokho sebehlukanise uxhaso lwabo lwaya nakwamanye amaqembu naseqenjini elisha eliholwa nguRoger Jardine. Ithemba ukuthi bangaba nomthelela kumadlelandawonye anele ukuze balawule uhulumeni we-ANC okhethweni oluzayo.

Isibonelo uma i-ANC ithola u-45% bese uRoger Jardine ethola u-6%. Lokho kuzovumela uMongameli Ramaphosa ukuthi aqhubeke nokuphatha, engeze ukuqondisa kwezinkampani ezizimele kanye nevoti mayelana nekhabhinethi yakhe nezinqumo zenqubomgomo, kuphinde kuvimbele ubumbano ne-EFF.

Ukusebenzisana ne-EFF kuyasatshwa ngoba kunombono wokuthi kuzoholela ekukhishweni kukaRamaphosa kufakwe uMnuz Paul Mashatile. AmaRalord amasha awamfuni uMashatile esikhundleni. Ngiyabonga ngethuba ngithembe incwadi yami izoshicilelwa ngiyazi miningi imibono obhekene nayo Mhleli wami.

Ozithobayo,

Simphiwe Ntuli, eNanda KZN.


Discover more from IBUNDA NEWS

Subscribe to get the latest posts sent to your email.