
Umqeqeshi we TS Galaxy Sead Ramovic uncoma iqhaza elimqoka kakhulu elibanjwe ngumqeqeshi wonozinti kuleliqembu Greg Etafia. Usinika lento esiyidingayo eqenjini lethu, uyabona ukuthi unozinti wethu esinaye njengamanje Fiacre Ntwari usezingeni eliphezulu kakhulu njengoba nalapho edabuka khona Rwanda nguyena unozinti weqembu lesizwe ohamba phambili.
“Ngicabanga ukuthi abantu babonile umsebenzi owenzile ngu Melusi Buthelezi osengunozinti we Orlando Pirates, wayegila izimanga emapalini ethu, futhi kungumsebenzi omuhle owenziwa ngu Greg Etafia ukucija onozinti ngezinga eliphezulu kakhulu” kusho Ramovic. Kuzokhumbuleka ukuthi u-Etafia wagqama kakhulu esavimbele IMoroka Swallows FC isikhathi eside njengoba wagcina ngokuthi abambe umsebenzi wokuqeqesha kuleliqembu lase Soweto, lonozinti we TS Galaxy kulindeleke ukuthi alisize leliqembu emdlalweni wamanqamu we Carling Black label Knockout Cup ngomhlaka 16 December enkundleni yase Moses Mabhida Stadium eThekwini.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
