
I-Richard Bay FC isikhombe indlela u James Matatezela Dlamini obengumxumanisi nabezindaba eqenjini ngenxa yezinsolo zokuthi umataniswe nenkohlakalo. Ngokuthola ngomthombo kwe-IBUNDA IZINDABA ,uDlamini uxabane no Mpho oyimenenja kwezokukhangisa enkampanini yakwa Joma, kuphinde kuvele ukuthi ubuye adle izimali zabadlali.
UJames Dlamini nguyena owalanda abadlali abathathu boMsinga United , kodwa kuze kube manje leliqembu le Richard Bay FC aliyikhokhile imali engu R800000 ka Welcome Mpanza ongusihlalo woMsinga United ngalabadlali. Igama lika James Dlamini aliqali ukubandakanyeka enkohlakalweni njengoba naku Golden Arrows wakhishwa yiyona, indaba yokudla izimali zabadlali ezikhwabanisa njengoba wayeyimenenja. Naseqenjini laMaZulu FC wahambela into efanayo. uDlamini useke wahlala isikhathi eside ephethe inkampani yonogada abaqapha ezinkundleni zezemidlalo.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
