
Umlingisi uSiyabonga Shibe oyisihlabani seThe Sibongile & The Dlaminis kuthiwa usitshele unina nabafowabo ukuthi asifuni lutho ngabo. Inkinga kuthiwa iqale ngesikhathi kufika ingane empilweni yakhe yathi iyindodakazi yalomlingisi eyalahleka kudala. Lengane iyona futhi eyathi uSfiso Ncwane uyise wakhe emuva kokudlula emhlabeni.
Umfowabo utshele iZiMoja ukuthi uSiyabonga akasamthengeli umama wabo ukudla. “Asiqondi ukuthi uSiyabonga ufike kanjani kulesi simo. Umfowethu useyekile ukuthengela umama igrosa. Utshele umama ukuthi akamfuni nokuthi asondele. Besizama ukumxwayisa ngale ndodakazi okuthiwa indodakazi kodwa wanquma ukusinqamula,” kusho uNathi, wengeza ngokuthi uSiyabonga useze wadayisa izimoto zakhe ezimbili nomuzi eRidgeway, eningizimu yeGoli, ukuze abonise uthando lwakhe endodakazini yakhe esanda kuyithola.
“Asiyazi leyo ndodakazi. Yaqala yathi iyingane kaSifiso Ncwane manje isithi iyindodakazi kaSiya. Asimazi futhi asifuni ukuba yingxenye yakhe njengoba isithatha umfowethu uSiyabonga, wathuka umama wamtshela ukuthi akamfuni emngcwabeni wakhe uma kwenzeka eshona. uSiyabonga akasavakashi ekhaya futhi usesiblocke kuzo zonke izinombolo zakhe. waze washintsha nocingo lwakhe lwaba yi-“tototo” (ucingo olungahlakaniphile) kuyilapho indodakazi yakhe esanda kuyithola ine-iPhone 14,” esho. Ngokusho komthombo, ozakwabo bakhathazekile ngoba uhlezi ecela u-R10 kagwayi. Imizamo yokuthola ukuphawula kukaSiyabonga ayiphumelelanga.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
