
Abazokuxhumana komasipala bashaya udaka njengoba behluleka ukudiliva kwabezindaba ulwazi oluphelelisiwe njengoba kudingeka ukuthi izintatheli zihlale ziqhwanda izindaba kubona. Kunolwazi ngokwenzeka komasipala okumele baludele ukuze umphakathi uzokwazi ngalokhu okwenzeka kumasipala kodwa lutho. Kwesinye isikhathi uCommunication Manager womasipala asho kugcwale umlomo ukuthi azikho izindaba, bese uvele uxakeke ukuthi kanti kwenziwani kulomasipala.
Kukhona ulwazi oludinga ukuthi lidluliselwe kwabezindaba kodwa labamsebenzi uyabahlula, baphinde bavimbe ukuthola ulwazi kwabafanelekile, ukwenza umzekeliso khona isikhulu sikamasipala waseMhlathuze okuthi uma siyafonelwa singalubambi ucingo futhi singabuyeli kunombolo ebikade ifonile. Asibhali lutho emkhandlwini oluqondile njengoba lomasipala ngomunye ohlale uphithizela.
Kukhona neminye imikhandlu lapha abezokuxhumana bakhona ungazi nokuthi ngobani, nomangabe iziMeya zaleyoMkhandlu zisebenza kudabuke izandla zihambisa izidingo nqangi kubantu, kodwa bona abazi nokuthi lidume kuphi ngoba abawazi umsebenzi wabo. Omasipala abafana no Mkhambathini, UMvoti, Richmond, Umgungundlovu, uMswathi, KwaDukuza, ILembe, Uthukela, Amajuba, Newcastle, Dr Nkosazane Zuma Dlamini, Ugu, Ray Nkonyeni, King Cetshwayo, Zululand, uMkhanyakude, Alfred Duma, Nongoma,Ndwedwe, Dumbe, kuyazifanel nje nokuthi alikho lelihhovisi lomxhumanisi. Bonke laba balele ngempela njengoba, abanye uyabona ukuthi bafakwe ngokuthi bazalwa ngobani kanti abanye bazihobele ngoba befuna ukuhola ekupheleni kwenyanga.
Lomsebenzi ngomqoka kakhulu ngoba ngowokuxhumanisa uhulumeni nomphakathi kodwa mangabe beshaya loludaka kuningi okulahlekayo kugcine sekubhikishwa kanti umphakathi uswele ulwazi othala ukuthi liduve nomuntu thizeni. Abanye abazibizi izithangami zabezindaba, abanye mangabe kuqondane nokuthi izintatheli zisondelile, yena uvele ame lena kude njengoba akazi ukuthi kumele aqale kuphi. Ukuvilapha kwelabaxhumanisi kudala enkulu inkinga ngoba bayahluleka ukuvikela omasipala, neziMeya knaye nokumaketha uMasipala. Iningi lalaba baxhumanisi kuyacaca nje ukuthi bayela ukuthi bathikithe usuku lokuthi bafikile emsebenzini.
Inkanga exaka kakhulu ngaloludaba ukuthi kanalabo abaphuma ebuntathelini kulezikhundla, kodwa umsebenzi ubakhipha inkani. Umuntu umbona ebusweni nje ukuthi lo kucima izibani, kumnyama ebusweni benkawu futhi lokhu kufakazelwa ukuswelwa kwezindaba ezithinta uMkhandlu. Abashaywa nangamahloni okuthi komile emahhovisi abo, akuphumi lutho ngisho kungathiwa uMeya uphe izingane ukhisimuzi noma ulethe izinsiza kusebenza.
Kuzmele oMeya babhekisise lomkhuba baxhumanisi ukuthi ngabe benza ngakho yini, ngaphandle uma nabo bemdibi munye nabaxhumanisi. Kuzomele bazosika umphetho kuBheki Ncube, yena ogijima aze abamncane enza umsebenzi wakhe omuhle wokuxhumanisa uMnyango wezeMidlalo noBuciko, njengoba ekwazi ukuthi uphiko lwezokuxhumana lusebenza kanjani nabezindaba, bangafunda lukhulu abaxhumanisi bemikhandlu yaseKZN kumfoka Mzilankatha.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
