
Amaqembu adlala ku ABC Motsepe League KwaZulu-Natal akhala ngesikhulu esithenga onompempe ngemali yabakhokhi bentela, lesikhulu esiligodlile igama laso neqembu laso, ngokuthola komthombo we IBUNDA IZINDABA lesikhulu siyimenenja womunye bomasipala basemakhaya abadonsa kanzima. Sihlala emphakathini ohluphekayo ngempela, kuhle ukuthi aqoqe abafana bangangenwa izidakamizwa kodwa phela imali yabakhokhi bentela akumele uyisebenzise budlabha ngalendlela.
Leliqembu liyakhempa emahhotela liphinde likhokhele onompempe ngoba abaholi onompempe bagcina belingeka ngemali abanye bafika kuthina basihlebele ngalomlisa, into edabukisayo ebholeni lethu ilenkohlakalo ayivumi ukuphela njengoba ukugwazela onompempe kuyinkohlakalo. Amaqembu adlala ku-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal adlala ngaphansi kwengcindezi yompempe abathengwa yilesikhulu, okuthiwa nemali siyidla ngenkani ngoba sisebenzisa isikhundla sokuba imenenja kamasipala, amaqembu amaningi awafuni ukuphumela obala ngenxa yokwesabela izimpilo nokuthi khona izikhulu eziphethe kwi Safa ezihambisana nalomlisa.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
