
Umndeni wakwa Mchunu eMvoti ukhala ngendlala ebahlasele njengoba baphucwa umhlaba wabo ngumlimi omhlophe odumile edilobheni lase Greytown uDavid onegalaji likaphethiloli nesiqiwi eMabomvini KwaDolo. UMama walelikhaya Marly Lindiwe Khumalo ukhala ngokuthi bona bebeziphilisa ngokudla okutshaliwe enhlabathini yonke leminyaka, impuphu bebezigayela amaVegatable bebezilimela wona.
Umasipala wase Mvoti ngesikhathi ubakhipha ngenxa yomlayelo wenkantolo wabathembisa ukuthi uzobalethela onompilo bathole nokudla okwesikhashana, kodwa lokho kube yize leze, njengoba bahambela kude kwezinkungu zase Lenge, njengoba abasabheki umonakalo omkhulu odaleke emndenini wakwa Mchunu njengoba abanalutho. Kumanje ikati lilele eziko kulomndeni, lomndeni ucela nomangabe ngubani ongalekelela lomndeni aphonse esivivaneni ngoba lomndeni uhlala ehholo lomphakathi elingenalo izicabha namawindi. Ngaphambilini leliphephandaba like labika ngaloludaba lomndeni wakwa Mchunu, lizamile uSamuke Ngubane nokhulumela lomasipala waseMvoti kodwa akaphendulanga njengoba naphambili wathunyelwa imbuzo ayicela ukuthi athunyelele yona, sekuze kwashaya isikhathi sochicilela ingakaphendulwa.
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
