
Usodolobha womkhandlu wase eMzinyathi umfundisi Mthandeni Petros Ngubane, uziphendulele kusodolobha wase Mvoti uPhilani Mavundla obemsola ngokugxambukela ezindabeni ze ABC, mayelana nencwadi eyaphuma yagcwala umhlaba yokukhonjwa indlela eqenjini le ABC. Lencwadi igcwele imithombo yabezindaba njengoba umhlaba wonke uyayazi kepha uMbomvu ukhombise ukuvuthwa kwezepolitiki njengoba ephendule uMavundla ngobuhlakani, wathi uyilungu le IFP akazange athande udumo namandla okuphatha, udumo nemali nemfundo akumhlanyisanga. Kuzokhumbuleka ukuthi uMbomvu uzalwa endlunkulu yaMabomvu wonke eMsinga eMabomvini endlini yase ebukhosini eNhlonga. “Mina ngikhuliswe kahle ngemfundiso kaNkulunkulu nangenhloniphi, ngaphinde ngakhuliswa ngabazali ekade bengabafundisi” kuqhuba uNgubane.
UMavundla washiya ANC ngemuva kokwehla esihlwalweni sobumeya eMvoti, waqoma ukuphuma enhlanganweni ngoba efuna amandla nodumo nobuqili njengoba aphendukela izinhlangano eziphikisayo ngesikhathi zichitha i-ANC kumkhandlu wase eThekwini kodwa yena wathengeka wathola isikhundla sokuba ngusekela meya wase eThekwini, kodwa waphinda waxoshwa emkhandlwini wase eThekwini, washiya exovile kunuka phu iphunga lobuqili nobudlova nongadilivi, waphindela eMvoti lapho wafika waxova njengoba waketula i-IFP emandleni. UMavundla ungusopolitiki ongadilivi intuthuko yomphakathi kodwa ungumxovi kuphela, kumanje wehla wenyuka nezinkantolo, kusho ukuthi asikho isikhathi sokusebenza umphakathi kodwa uyawukhohlisa kuphela umphakathi wase eMvoti, ulokhu ekhomba izitamukoko njengoba namalungu omphakathi ambiza ngeMeya yezitamukoko.
About The Author
Discover more from IBUNDA NEWS
Subscribe to get the latest posts sent to your email.
